Ngokuhambisana noHlelo lokwaKha kabuSha neNtuthuko, eminyakeni yokuqala engu 12 yombuso wentando yeningi, siye sagxilisa amandla ethu ekwenzeni uguquko emphakathini. Sesihlanyele intuthuko yomphakathi njengesiyaleli senqubo mgomo kanye nohlaka lokwehliswa kwezinga lobubha, kanye nokuphuculwa kokwethulwa kwezinsizakalo zenhlala kahle yomphakathi kubantu abahlwempu nabahlukumezekile emphakathini wakithi.
Ngenxa yoMlandu wethu woBandlululo uMnyango, kuleminyaka eyishumi eyedlule, kuye kwafanela ugxile kakhulu kwinhlala kahle yomphakathi, phezu kwemizamo eqhubekayo yokuba kulinganiswe ukuhlomula nokufinyelela kwabantu kuzinsizakalo zezenhlalakahle yomphakathi. Izimfuno kulwabiwo mali lwezenhlala kahle, ziye zasho ukuthi ibingenele imithombo yemali yokweseka izimfuno ezinqala, ezifana nokuvikeleka kwezinsizakalo zezenhlala kahle, ukugcinwa kwamakhono ayingqayizivele ezisebenzi zomphakathi, kanye nokusebenza emphakathini kwezinhlangano zomphakathi zezenhlala kahle. Njengalo kwasungulwa IHhovisi likaZwelonke lezeNhlalakahle, uMnyango kaZwelonke weNtuthuko eMphakathini kamuvana nje, ubusugxile kakhulu kulezi zimfuno ezisemoqka kangaka.
Isibonelo, eminyakeni eyidlanzana eyedlule, uMnyango kaZwelonke weNtuthuko eMphakathini waqala uhlelo lokwakha INqubo mgomo Maqondana nokuKhokhelwa koSonkontileka (PFA). Ubunjalo ezweni babiza ukuthi uhulumeni abuyekeze indlela ayesebenzisa ngayo imithombo yakhe ukuze kuqinisekiswe ukuthi isatshalaliswa ngobulungiswa kwababebhekwe yisambane phambilini kumphakathi wakithi. I- PFA iyisu elisemqoka kakhulu lokwelekelela uguquko emphakathini kanye nokuphucula ukwethulwa kwezinsizakalo ngokweseka ngezimali osonkontileka. Njengoba kwakuvunyelenwe yibo bonke ababambi qhaza kwezomphakathi kwiNgqungquthela yokuDlondlobala neNtuthuko, kanjalo bonke ababambi qhaza bamelwe ukubambisana ekubhekaneni nezinselelo zomphakathi kwezomnotho ezweni lakithi. UHulumeni, eyedwa, ngeke azinqoba lezi zingqinamba. Ngakho-ke, uMnyango uyaqhubeka nomzabalazo wokuqinisekisa ukuthi kuya ngokukhila ukubambisana nokusebenzisana phakathi kweziNhlangano ezingekho ngaPhansi kukaHulumeni (ama-NGO), iziNhlangano zeze-Nkolo (ama-FBO), kanye neziNhlangano zoMphakathi (ama-CBO), nomphakathi jikelele.
Ukuze iphumelele le nqubo mgomo, kuye kwakhiwa amaqhinga okubala izindleko ukuze kubhekanwe nakho konke okuhambisana nokuphunyeleliswa kwale nqubo mgomo. Ukuze oSonkontileka basebenze, kufanele babhekelwe ngokwenele ngezimali, kanti kufanele kubekwe amazinga enkokhelo yawosonkontilaki kuzona zonke izifundazwe. Kanjalo-ke, amaQhinga okubala iziNdleko zoHlelo lwezeNhlalakahle, azoqinisekisa ukuthi kunamazinga abekiwe futhi imithombo isatshalaliswa ngendlela enobulungiswa. Iziphakamiso maqondana nokwesekwa ngezimali kwezinhlelo ezilotshwe kwi- PFA zizoqinisekisa ukuthi imithombo ifinyelela kuleyo miphakathi nezinhlangano eziyidinga kakhulu, nanokuthi uhulumeni uhlinzeka izinsizakalo ezingambi eqolo. UMnyango ubye wathuthukisa imiHlahlandlela yeNqubo kanye neziKhali zobuPhathiswa okugunyaziwe, okufanele kufundwe kanye kanye neNqubo mgomo yokuKhokhelwa kwawoSonkontileka.
uHulumeni uyakuthokozela ukuzikhandla namagalelo ababazekayo emiphakathi ekwethulweni kwensizakalo yezenhlalakahle. amaProjeki afana nohlelo olweluliwe lwemisebenzi yomphakathi (EPWP) ayizibonelo zobamniswano phakathi kwabantu bakithie nohulumeni. Ngenxa yalo moya wokubambisana-ke, simema boke abantu bakithi ukuba baqhubeke nokubamba iqhaza ekwakheni impilo engcono kuwona wonke uwonke. Siyazincoma futhi siyithulela isigqoko imisebenzi negalelo lamavolontiya, osonkontileka bangasese nezinye izinhlaka zomphakathi. Kanye kanye, sakha umphakathi nesizwe esifanele izingane zethu nabo bonke abaHlali baseNingizimu Afrika.
Uhlelo lokuthuthukisa inqubo mgomo yokweseka ngezimali lwaqala ngo 1996, kodwa lwamiswa ngo 2000. UNgqongqoshe wezeNhlalakahle wasungula iKomidi lasebuNgqongqosheni ukuba lenze uphenyo mayelana nokukhathazeka okwabe kukhona maqondana nenqubo mgomo, bese lenza izincomo kuMkhandlu kaNgqongqoshe weNtuthuko yoMphakathi (i-MINMEC). I-MINMEC yathatha isinqumo sokuthi kufanele inqubo mgomo yokweseka ngezimali ibuyekezwe. Lokhu-ke, kwenziwa yithimba lokusebenza, kanti umphumela walo msebenzi, iNqubo Mgomo yokuKhokhela awoSonkontileka, wemukelwa wagunyazwa ngo 2004 emveni kokuba yethulwe kuziNhloko zeziNsizakalo zezeNhlalakahle (ama-HSWS), iKomidi eliKhulu (i-EXCO) kanye ne-MINMEC.
UMnyango uyafisa futhi ukuncoma labo bantu nezinhlaka ezibe negalelo ekuthuthukiseni le nqubo mgomo, iminyango yasezifundazweni, izinhlaka zomphakathi, nomphakathi uqobo ngemibono yawo nokweleklela kwabo. Ubambiswano phakathi koMnyango nezinhlaka zomphakathi kuzohlala kuyingxenye esemqoka kumizamo yokufinyelela empumelelweni nokufeza izibopho.
